Isikhwama sengane egadiwe singena ngaphansi kohlelo oluphethwe wuMphathi weNkantolo ePhakeme. Lesi yisikhwama esidalelwe ukugcina nokusingatha izimali ezikhokhelwa uMphathi weNkantolo zinikwa abantu abehlukene abaziwayo noma abangaziwa, isibonelo; izingane nabantu abangakwazi ukuziphathela izindaba zabo, izindlalifa ezingakazalwa, abantu abadukile noma abangekho abathintekayo ezimalini zefa, zomhlomulo noma ezihlobene nalokhu.
Uma ethola noma emukela noma iyiphi imali, Umphathi weNkantolo uvula isikhwama ebhukwini leziMali zabantu abagadelwe egameni lomnikazi wefa nongumnini waleyo mali. Uma ingaziwa ukuthi leyo mali ngekabani, isikhwama sivulwa ngegama lomuntu oyilethile noma egameni lefa ecazwe kulo, kuye ngesimo ngasinye. Imali egcinwe eSikhwameni sabagadelwe itshalwa esikhwameni seKhomishani yeMali yoMphakathi Etshaliwe esihlolwa wumcwaningi-mabhuku njalo ngonyaka.
Inzalo ikhokhwa emalini efakwe eSikhwameni sabagadelwe, okuyizingane ezingakwazi ukuzimela, abangakwazi ukuziphathela izindaba zabo, izindlalifa ezingakazalwa nabantu abathintekayo emalini, ekusebenziseni amafa, izimali abazishiyelwe nemihlomulo ehlobene. Inzalo ibalwa ngenyanga isuselwa eqophelweni elimiselwa unyaka, ngezilinganiso ezibuyekezwa ngezikhathi ezithile nguNgqongqoshe weZimali. Inzalo itholakala kanye ngonyaka ekupheleni komhla ka -31 ku-Mashi wokuphela konyaka.
Inzalo ifakwa zonke izinyanga ngemuva kokuthola imali kuze kuphele iminyaka emihlanu, ngaphandle uma leyo mali ithathwa ngumnikazi ngaphambi kokuphela kwaleso sikhathi.
Umuntu obhaliswe esikhwameni uyakwazi ukufuna imali yesondlo esikhwameni sabantu abagadelwe. Umphathi weNkantolo unelungelo lokukhokha yonke inzalo nemali efinyelela ku-R100 000 emalini eqongelekile ukufeza izinhloso zesondlo ezifana nesikole nemali yesikole semfundo ephakeme, izimpahla zokugqoka, imali yemithi, imali yokuhlala esikoleni nezinye izidingo ezifakelwe isicelo.
Isondlo singacelwa ngumuntu ogade ingane/umeluleki/ogcine ifa noma umuntu obheke isikhwama somuntu obhalisiwe, lokhu kwenziwa ngokufaka isicelo ngefomu le-J341 sihambisana namakhotheshini kanye nobufakazi besikweletu. NgoMandulo, njalo ngonyaka Umphathi weNkantolo ukhangisa kwiGazethe kaHulumeni izimali ezingalandiwe ngabanikazi bawo. Imali ingakhokhelwa ngqo lowo osebenzile, njengesikole, isikole semfundo ephakeme, isitolo sezincwadi, njalonjalo.
Ingane engakakwazi ukuzimela ingafaka isicelo semali etshaliwe kanjalo nenzalo eqongelekile uma seyifinyelele eminyakeni eyigunyaza ukuzimela, lena yiminyaka engama-21, umshado noma yisinyathelo senkantolo ePhakeme sokuyenza umuntu osengazimela.
Noma kunjalo, umuntu obhala iwili, engachaza eminye iminyaka yobudala lapho indlalifa inelungelo khona lokuthola imali yefa.
Imali ingafunwa yilowo obhaliswe ku-akhawunti uma egunyazwa ngesicelo esibhalwe kufomu le-J251, siphelezelwa yikhophi yomazisi/incwadi yokuhambela kwamanye amazwe/isitifiketi somshado noma umyalelo wenkantolo oqinisekisiwe.
Labo abanelungelo lenzalo bakwazi ukuthola inzalo eqongelekile ekupheleni konyaka, ngemuva komhla ka -31 kuMashi. Isicelo senzuzo siyabhalwa bese ocelayo echaza umthelela oholela enzalweni noma umsuka wezithelo ezidliwayo, (inzalo).
Umnini we-akhawunti engafaka isicelo semali etshaliwe uma esenelungelo lokwenza njalo (imvama ngemuva kokufa kwalowo omshiyela ukudla izithelo zefa) ngokufaka isicelo esibhalwe kufomu le-J251 sihambisana nekhophi eqinisekisiwe yomazisi noma incwadi yokuhambela kwamanye amazwe.
Ikhokhwa kanjani imali?
Imali/inzalo noma isondlo sikhokhwa ngesheke elibhalwe egameni lomuntu oqondene. Leli sheke lidwetshwa umugqa ukuze lingakwazi ukwedluliselwa komunye umuntu. Ngesinye isikhathi imali ifakwa kwi-akhawunti yasebhange yalowo muntu oqondene.
Kwenzekani ngemali uma ingalandiwe ngesikhathi?
Ngemuva kweminyaka emihlanu imali igciniwe, Umphathi weNkantolo wedlulisa leyo mali engalandiwe eSikhwameni seMali yabaQoqi-ntela. Lokhu akuchazi ukuthi umnikazi wayo uphelelwa yilungelo lokuyifuna imali eSikhwameni Sabagadelwe izimali.
Noma kunjalo, ekupheleni kweminyaka engamashumi amathathu ingalandiwe imali, leyo mali idliwa wumbuso.
NgoMandulo njalo ngonyaka, Umphathi weNkantolo ukhangisa kwiGazethe kaHulumeni izimali ezingalandiwe.
